
UMholi we-IFP, uVelenkosini Hlabisa, uthi ukudlula emhlabeni komholi we-IFP obeyilungu lePhalamende, uKhethamabala Petros Sithole, kuyilahlekisele kakhulu inhlangano.
Uthi uSithole ubethembekile futhi esebenza ngokuzikhandla.
UHlabisa uthi uSithole akakaze afune ukugqama, kodwa ubekhuthele futhi ezinikele emsebenzini wakhe.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa ilungu lePhalamende le-IFP eGauteng
USithole wadutshulwa wabulawa ehostela iBuyafuthi eKatlehong, eGauteng, ngesonto eledlule.
Umholi we-IFP ubethula inkulumo yakhe emngcwabeni kaSithole eNkandla.
Okhulumela i-IFP, uMkhuleko Hlengwa, ukuchaze njengento engenangqondo ukubulawa kukaSithole.
Kubikwa ukuthi sekuboshwe abasolwa ababili ngokufa kukaSithole.
UHlengwa uthi lesi sigameko sokubulala siwunyakazise kakhulu umphakathi futhi sishiye umndeni ukhungathekile, ikakhulukazi indodana kaSithole encane, edonsa kanzima ukwamukela lokhu kulahlekelwa.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
