
Ungoti ozimele wamaphoyisa uthi ukuvala isikhala sesikhulu esiphezulu samaphoyoisa aKwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi, ngeke kube yinto elula, uma kuphela ihlandla lakhe ngonyaka ozayo.
“Kuzoba nzima ukungena ezicathulweni zikaMkhwanazi kumuntu ozolandela. Makhulu kakhulu amabhuzu okuzomele agcwaliswe.
“Uyiphoyisa lomsebenzi. Unomlando oyisibonelo. Wangena ngokufaneleka. Yebo, yiqiniso, waziwa kakhulu ngokuhambisani nobugebengu, ikakhulukazi amaqembu obugebengu obuhleliwe, “kusho uJohan Burger onguchwepheshe.
UMkhwanazi watshela iPhalamende ngoMarch ukuthi uzimisele ngokuqeda ihlandla lakhe.
OLUNYE UDABA: UMkhwanazi noNdunankulu bagasele emafemini aKwaDukuza
Inhloko yamaphoyisa esifundazweni nayo iziphendulele ngezinsolo zokusetshenziswa budedengu kwamandla, yathi ziyimizamo yokudicilela phansi isithunzi sakhe.
UBurger uthi ozongena esikhundleni sakhe uzoba nephothifoliyo enezinselele.
“ IKzwaZulu-Natal iyisifundazwe esinzima kakhulu emaphoyiseni. UMkhwanazi, ngicabanga ukuthi ukhombise ukuzinikela emsebenzini wakhe, futhi ubesiqinisa isandla emaphoyiseni akhe.
“Isikhundla sakhe besihlezi sicacile. Wenza umsebenzi ngokuvumelana nomthetho, kodwa uma impilo yakho isengcupheni noma ezabanye kumele wenze ngamandla nsuku zonke.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
