Kulindeleke isimo sezulu esingesihle ezingxenyeni zezwe


Abe-South African Weather Service baxwayisa ngamakhaza ashubisa umnkantsha kusukela kule mpelasonto, njengoba kulindeleke ukuthi kukhithike ezingxenyeni zezifundazwe eziyisishiyagalombili kweziyisishiyagalolunye, okubalwa kuzo nesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Amakhaza kubikwa ukuthi azoqala ukushubisa kusukela ngoMgqibelo kuya phakathi nesonto elizayo.
Isangoma sezulu uKevin Rae sithi imvula enamandla ingase idale izikhukhula kanye nomonakalo e-Eastern Cape ngeSonto.

Imvula izobe isidlulela eningizimu yeKwaZulu-Natal ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa ngemvula enamandla nokudumu kwezulu eKZN

“Kuzo zonke izifundazwe, ngaphandle kwaseLimpopo, kungase kube nokukhithika kwezinye zalezi zifundazwe futhi ikakhulukazi, singasho ukuthi kulindeleke ukuthi kuphazamiseke umgwaqo onguthelawayeka uN3 eVan Reenen’s Pass phakathi kwangoMsombuluko noLwesibili.

“Silindele futhi ukuthi kube nomoya onamandla ongadala umonakalo kusukela ngeSonto kuya phambili kanti futhi lokho kuzoholela ebungozini obuphezulu bomlilo wequbula, ikakhulukazi phakathi nendawo esempumalanga yezwe.”

“Kuphinde kube nobungozi bokuduma kwezulu okuhambisana nesichotho kanye noma umoya oyingozi kwezinye izifundazwe, okubalwa iNorthwest, Gauteng noma iMpumalanga nakwaKwaZulu-Natal. Lezi zimo zilindeleke ngoMsombuluko nangoLwesibili.”

Njengoba iKZN izosingatha iComrades Marathon ngeSonto, uRae uthi abasubathi bangalindela isimo esipholile noma esifudumele kodwa kufanele bazilungiselele ukwehla kwezinga lokushisa ebusuku.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)