Kuchazwe kabanzi ngezibalo zakamuva zokuqashwa kwabantu eThekwini koweYouth Month Activities

UMasipala weTheku, usebenzisa neYouth Development Office, usukhiphe izinhlelo eziningi ezithinta abantu abasha ezizokwethulwa kule nyanga ukubungaza inyanga yabantu abasha.

Lezi zinhlelo zethulwe yiMenenja yeTheku uMusa Mbhele ngesikhathi exoxisana nabaqondisi bakhe kanye nentsha namuhla, 5 Juni, eCity Hall, eThekwini.

UMbhele uchaze kabanzi ngezibalo zakamuva zokuqashwa kwabantu kuleli Dolobha.

“IDolobha lisanda kunikeza izinkampani zabantu abasha imali engu-482 million wamarandi.

“Ngaphezu kwalokho, ilinganiselwa ku-5 800 intsha eqashwe nguMasipala weTheku.

OLUNYE UDABA: Kube nezeluleko ezinhle kwiYouth Entrepreneurship Tour e-UKZN

“Idolobha laseThekwini livule amathuba omsebenzi angu-70 000 onyakeni wezimali odlule ngokusebenzisana kukahulumeni nezizimele.

Kulesi sibalo, bangu-44 000 abantu abasha, abathola imisebenzi.

“Sizoqhubeka nokuxhasa ngezimali amaphrojekthi afukulayo, siqinisekisa nokuthi intsha iphakathi kwalabo abahlomulayo.

“Sizoqhubeka nokufaka isandla ngendlela ephusile ekuthuthukiseni abantu abasha,” usho kanje.

UNokuthula Hlophe ovela ehhovisi le-Youth Development uthe bafuna imibono yabantu abasha mayelana nezinhlelo zentuthuko abafuna zenziwe.

UHlophe uphinde wathi, “lokhu kuxoxisana kungokokuqala njengoba sifuna ukuhlelela ezinye izinhlelo zentsha. Sifuna ukuzibandakanya kwenu kanye nokufaka isandla ezinhlelweni zokuthuthukisa intsha yeDolobha.”

Izinhlelo ezihlelelwe le nyanga zihlanganisa amaphrojekthi ezobuhle (beautifcation) ezikole, ezobumnandi nokungcebeleka kanye nenqwaba yeminye imicimbi, okuzobikwa ngayo ngokuhamba kwesikhathi.

Ezinye zezinto eziphakanyiswe abantu abasha kubalwa ukungabi bikho kwemisebenzi, ukuntula ukuqeqeshelwa amakhono kanye namathuba emisebenzi amancane.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)