I-Enterprise ILembe yethule iBallito July Experience, eBallito


I-Enterprise iLembe, ngokubambisana noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ne-Mepha Trading, yethule ngokusemthethweni iBallito July Experience 2025, izolo eBallito.

Ukwethulwa kwalolu hlelo luhlose ukuqhakambisa amathalente akhona endaweni yaseLembe ukungenisa umnotho, ukuqhakambiswa kwamasiko kanye nokumakethwa kwendawo okuzothatha inyanga yonke kaJuly esifundeni iLembe.

USihlalo webhodi le-Enterprise ILembe ngaphansi kwesiFunda iLembe uNkosenhle Mngadi uthi umcimbi ubuzonxenxa abantu abazotshala izimali ukuba babe yingxenye yalo mcimbi ozokwakha izimboni ezahlukene, izindawo zokujabula nezokuvakasha ukuze bekwazi njenge-Enterprise ILembe ukukhulisa umnotho wesifunda iLembe.

OLUNYE UDABA: I-Enterprise iLembe nomcimbi wokuthwesa abafundi iziqu zokuthuthukiswa amakhono

UMngadi esephetha, uthe lokhu kwenzelwa ukuthi abantu bakomasipala bendawo kusukela eNdwedwe kuya KwaDukuza naseMandeni bakwazi ukuthola amathuba emsebenzi bahlomule nabo kumnotho njengosomabhizinisi abancane bendawo.

UKhansela uDolly Shandu, uqhakambise ubumbano nokusebenzisana okuhlelekile okuyikho okwenza umsebenzi ube yimpumelelo. Uphinde wathi selokhu afika kumkhandlu ngo-2011 uyaqala ukubona kwenziwa uhlelo olufana nalolu.

UShandu uthi igxathu elithathiwe lihle kakhu futhi maningi amathuba emsebenzi azovela ngalo msebenzi osuqalile. Ube esenxusa bonke omasipala bakwiLembe babe yingxenye yalolu hlelo ukuze bonke oMasipala bakwazi ukuthola amathuba ikakhulukazi abantu abasha.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)