Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali eKZN

Amaphoyisa KwaZulu-Natal awazange abuthi qothu, ebematasa ubusuku bonke.

Amaphoyisa abulale abantu abathathu abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali ezigamekweni ezimbili zokudubulana eMarianhill naseNanda.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe ngokuthi amalungu ezigelekeqe acashe eMarianhill.

Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni, nawo aziphindiselela ngokudubula abulale amadoda amabili.

OLUNYE UDABA: Kubulawe osolwa ngokuba yilungu leqembu lezigelekeqe eNanda

Kutholakale isibhamu esasithathwe kunogada ngesikhathi kubanjwa inkunzi imoto yemali eRichmond, ngoLwesithathu.

Kwesinye isigameko kudutshulwe kwabulawa osolwa ngokuba yisigebengu sesithathu ekubanjweni inkunzi imoto yemali elokishini laseNanda.

Kukholakala ukuthi ugolozile ukuboshwa wadubula amaphoyisa.

Usolwa ngokuba yingxenye yeqembu lezigelekeqe elibandakanyeka ebugebengwini obuningi.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit