Usegwetshiwe umama kaJoshlin Smith

Abantu abathathu abalahlwe yicala lokunyamalala kukaJoshlin Smith oneminyaka eyisithupha ubudala bagwetshwe udilikajele umuntu ngamunye ngecala lokushushumbisa abantu neminyaka eyishumi ngelokuthumba.

Izigwebo zamama wentombazane, uKelly Smith, uJacquen Appollis noSteveno van Rhyn zizodonsa kanye kanye.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuthi kugwetshwe umama kaJoshlin nabanye ababili namuhla

UJoshlin wanyamalakubo endaweni yasemijondolo yaseMiddelpos eSaldanha Bay, ngoFebruary ngonyaka odlule.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit