Buka: Ubusezingeni eliphezulu umjaho wamahhashi, iNkandla May

Usukhule kakhulu uMjaho wamahhashi waseNkandla, iNkandla May wokujabulisa abathandi bomjaho wamahhashi basemakhaya.

Lokhu kuza ngemuva kokuba lo mjaho owaziwa ngoMtelebhelo ubuseNkandla, enyakatho neKZN ngaphandle kokubambisana nohulumeni waseKZN iminyaka eyisishiyagalolunye edlule.

UMtelebhelo umjaho wamahhashi wokugijima ojwayeleke ezindaweni zasemakhaya lapho ihhashi lisuke lingavunyelwa uma libanjwa ligabavula.

Indawo yaseNkandla iqale imijaho yamahhashi ngaphambi kokuba abantu abaningi bahambele umcimbi wodumo iDurban July, ozokuba ngoJuly 2025.

Kulo nyaka, uhulumeni wase-KZN ubambisene noMasipala waseNkandla okokuqala ngqa usingathe lo mcimbi waminyaka yonke obuhlanganisa imijaho yamahhashi nemfashini.

NgoMgqibelo wangomhlaka-24, izinkulungwane zihambele umcimbi womjaho wamahhashi wasemakhaya.

OLUNYE UDABA: Kukhonye abokufika kwi-Durban International Marathon ngempelasonto

UNdunankulu waseKZN, uThami Ntuli, owake waba yiMeya yaseNkandla, ubekulo mcimbi ehambisana noNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMntomuhle khawula.

Amahhashi amabili kaMlamuli Gama wase-Utrecht, eKZN, aqophe umlando ngokungena endaweni yokuqala neyesibili emjahweni omkhulu.

UNxakanxaka uhlomule umklomelo wokuqala ka-50 000 wamarandi, kwathi i-Amazondo yahlabana ngomklomelo wesibili wagoduka no-40 000 wamarandi. UMlamuli utshele iDaly Sun ukuthi ukunqoba kwamahhashi akhe amabili kuyindlela yokukhombisa ukuthi uzobusa kumjaho wamahhashi walo nyaka, okuhlanganisa neDundee July ezayo.

IMeya yaseNkandla uNonhlanhla Nzuza itshele iDaily Sun ukuthi lo mjaho wamahhashi waminyaka yonke uthuthukisa umnotho wendawo.

“Siyabonga ukuthi kulo nyaka uhulumeni uthathe isinqumo sokusisiza ekuhleleni lo mcimbi futhi sibonga uNgqongqoshe wethu kanye noNdunankulu.”

UNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko wakwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula uthe ngesikhathi beqala kulo mnyango ngo-2024, uNdunankulu uNtuli wabayalela ukuthi basondele kwiNkandla May yingakho bebambisene nayo kulo nyaka.