
Abaseshi bamaphoyisa ababhekene nezindaba ezithinta udlame lwamatekisi KwaZulu-Natal bafuna usizo kumalungu omphakathi ngokuthola uRichard Zwakushiwo Dlamini obuye aziwe ngelika ‘Masiliva’.
UDlamini ubebalekela ubulungiswa kusukela ngoJanuary 2018 ngesikhathi ezama ukubulala usihlalo kasoseshini wamatekisi eMsinga.
Ngomhlaka-2 January 2018, isisulu sasisanda kuqeda umhlangano ohlobene nowamatekisi kanti sasihlezi ngaphakathi kweveni laso ngesikhathi uDlamini nowayehamba naye bemhlasela futhi bamdubula amahlandla amaningi ngezibhamu.
OLUNYE UDABA: Izithombe: Kuthungathwa osolwa ngokubulala intombi nomama wayo ePinetown
Isisulu sasinda ngandlela thize ekuqhumeni kwesibhamu esikhulu kwase kuvulwa icala lokuzama ukubulala ukuze kuphenywe.
Kwathi ngemuva kwesikhashana lowo owayehamba noDlamini wadutshulwa wabulawa erenki yamatekisi eyaziwayo eGoli. UDlamini onamatekisi asebenza eGauteng naseMsinga kukholakala ukuthi ucashe eGoli.
Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi, athinte uWarrant Officer Mbatha ku-076 525 1793 noma ashayele inombolo ye-crime stop ku-08600 10111.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
