
Iqhuma phezulu injabulo kwiqembu laKwaZulu-Natal, iDurban City ibuyela esigabeni seBetway Premiership ngemuva kokuthi beshaye iqembu leCape Town Spurs osukwini lwanamuhla ngegoli elilodwa eqandeni.
Ukunqoba kweCity lokho kusho ukuthi ngesizini ezayo bazobe bedlala kwiBetway Premiership, kanti bandise amaqembu KwaZulu-Natal azogijima kulesi sigaba.
OLUNYE UDABA: OweDurban City uthi konke usekubeke kuMdali ngokubuyela kwiBetway Premiership
Khonamanjalo iCape Town Spurs igawulwe izembe Kanye neLeruma United sebezodlala esigabeni se-Abc Motsepe League.
Iqembu le-Orbit College kanye neCasric Stars bona bazodlala amaplay-off eBetway Premiership.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

**mitolyn official**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.