
UMonique Kekana, ongowesifazane osolwa ngokuthi ushise umuzi kaKelly Smith, uthi wabona uKelly ngesikhathi ebosshwe ejele lasePollsmoor isonto lonke.
“Uhamba sengathi ikubo ePollsmoor abingelele abantu athi: ‘Hi ladies’ enze nje izinto ezikanjalo nokunye ngivele ngicasuke kakhulu. Angikholwa ukuthi wadayisa ingane kanti njengamanje uhambisa okwanobuhle sengathi akukho okwenzekile,” kuchaza uKekana.
OLUNYE UDABA: Kuhlehlile ukulalelwa kwesigwebo sikamama kaJoshlin Smith
Umuzi kaSmith wacekelwa phansi ngemuva kwamahora ambalwa yena nasolwa nabo betholwe benecala lokuthumba nokushushumbisa indodakazi yakhe, uJoshlin.
UKekana udedelwe ngebheyili ka-R500.
Njengoba engakaze alahlwe yicala, engenama-warrant futhi ebambisane ngokuphelele namaphoyisa, iMantshi ayisitholanga isizathu sokungamkhululi lo mama onezingane ezimbili.
UKekana uthi ngeke akuphike akwenzile uma kwenzeka equliswa icala.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
