IVIDEO:“Ubengabambeki oxabane nomqashi wakhe, eshayisa kwasani ephambi kwakhe ngeloli”

Owesilisa odabuka eMalawi obeshayela iloli elebiwe uvuke inj’ebomvu ntambama.

Kukholakala ukuthi le ndoda ikwenze lokhu ngemuva kokungaboni ngaso linye nomqashi wayo.

Le ndoda ishayise inqwaba yezimoto nomuntu obehamba ngezinyawo emgaqweni.

Kubikwa kuthi ibishayela ngesivinini esiphezulu.

OLUNYE UDABA: Kulimale ababili kwesokuzama ukubamba inkunzi imoto yemali eMlazi

Amaphoyisa okuhlanganisa namalungu e-K9 aseMlazi agijimise lo mshayeli weloli kodwa umshayeli weloli obengezwa mshini kubikwa ukuthi ushayise neveni lamaphoyisa.

Ngokusho kwamaphoyisa ophiko lwe-SAPS, amaphoyisa adubule iloli enza imizamo yokunqanda lo mshayeli. Umsolwa ube eseshayisa wathola ukulimala.

Iloli ligcine lime ku-Underwood Road ePinetown.

ISEXWAYISO: Le video ingase iphazamise abanye

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *