
Inyunyana yamaphoyisa iSouth African Policing Union (SAPU) inxusa ukuthi amaphoyisa athole ukuvikeleka okungcono.
Lokhu kulandela ukubulawa kukaConstable Babalwa Dondashe, 32, obengasebenzi ngaleso sikhathi ngempelasonto.
Ukushona kwakhe kuphinde kwagqamisa inkinga eqhubekayo yokubulawa kwamaphoyisa.
OLUNYE UDABA: Namuhla kubekwa iphoyisa lesibili kwamathathu atholwa eshonile emfuleni
Okwamanje bekungakaboshwa muntu, amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi aphumele obala.
UDondanshe uzofihlwa ngoMgqibelo eGqeberha.
Ushiye emhlabeni izingane zakhe ezintathu ezisencane, umama wakhe nezingane zaubo.
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
