Asisihle isimo senkundla yezemidlalo iMoses Mabhida

Isikhulu esiphezulu enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida Stadium uVusi Mazibuko useveze ukuthi bazoyilungisa inkinga yokushibilika kotshani benkundla iMabhida ngaphambi kokudlalwa komqhudelwano omkhulu wamanqamu weNedbank Cup ophakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Inkundla, iMabhida sekubonakale kaningi ukuba manzi kwayo kanjalo nokushibilika kalula kwabadlali.

Nakuba kunjalo uMazibuko uthi kusukela namuhla inkundla izolungiswa ngezinga eliphezulu kakhulu.

OLUNYE UDABA: Sekusele imizuzu kudayiswe amathikithi eNedbank Cup

Kuzokhumbuleka ukuthi osukwini lwayizolo emdlalweni weligi phakathi kwe Orlando Pirates kanjalo ne Golden Arrows lenkundla kubonakale ishibilika kakhulu.

UMazibuko ube eseqinisekisa ukuthi amaqembu azobe edlala, wonke azogculiseka ngeMoses Mabhida Stadium.

Khonamanjalo sekuvele izikhalazo eziningi ngokuthi kulethwe umdlalo wamanqamu eThekwini, ezinye izifundazwe zikhala ngokuthi zona azinikwa ithuba lokuthi zisingathe imidlalo yamanqamu, kuzokhumbuleka ukuthi iTheku isikhathi esiningi ilona elisingatha imidlalo yamanqamu.

– Andile Andizo Mthembu

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *