
Ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni saKwa-Zulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi useveze ukuthi abantu abangenawo amathikithi okuyobuka umdlalo wamanqamu phakathi kweKaizer Chiefs kanjalo ne-Orlando Pirates bengasondeli nakancane enkundleni ukuzodala umsindo ngoba amaphoyisa azobe esiqaphile isimo futhi bazokwenza isiqiniseko sokuthi abantu okufanele bengene enkundleni abazobe bephethe amathikithi.
UMkhwanazi ukhulume kanje ngemuva kokuthi kuvele ukuthi abantu abaningi baKwazulu-Natal abanawo amathikithi okuyobuka lo mdlalo njengoba esephelile nasezitolo.
OLUNYE UDABA:Asisihle isimo senkundla yezemidlalo iMoses Mabhida
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMsombuluko abantu bazama ukuthenga amathikithi kodwa iningi langawathola njengoba kwajama imishini yokukhipha amathikithi nokuholele ekutheni iningi labalandeli bebhola lingawatholi.
UMasipala weTheku uvulele izindawo ezahlukene edolobheni ukuthi labo abangakwazanga ukuthola amathikithi bezibukele lo mdlalo okubalwa nase-Albert Park khona eThekwini, kanti namadolobha amancane aKwazulu-Natal azobe efake ama-big screen ukuzibonela lo mdlalo omkhulu kangaka.
– Andile Andizo Mthembu
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

**mitolyn**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.