
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, uxolisile ngomyalezo womkhankaso kahulumeni wesifundazwe osugxekwe yizishoshovu zodlame lobulili (GBV) zithi “awunazwelo” futhi “uyingozi,” zathi uphakamisa ukuthi ukuphepha kwabesifazane kulele emalini nasothandweni.
Lesi sihlava sisuka engosini yezokuxhumana ebhalwe nguhulumeni waseKZN ngenyanga edlule, efundeka kanje: “Asingababulali, Asibathande, Sibaphe Imali”.
Lokhu kuqubule imizwa nemicabango eyahlukene. Abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bakubone kuhlekisa, bakuhumushe njengoNdunankulu enxusa abesilisa ukuthi baxhase abesifazane ngokwezimali.
Abanye, ikakhulukazi izinhlangano ezilwela amalungelo abantu besifazane, bakugxekile njengokunaki nento engaba yingozi ezweni elilwa nezinga eliphezulu lokubulawa kwabantu besifazane nodlame lwasekhaya.
Inhlangano elwela amalungelo abantu iWomen For Change egxile ekuqedeni i-GBV, iwugxeke kakhulu lo mlayezo.
OLUNYE UDABA: URamaphosa uphinde wanxusa amadoda ukuthi kube yiwo alwa ne-GBV
“Lo mkhankaso ubhebhethekisa imibono eyingozi, okusho imali nothando kungaba yisinxephezelo sokuhlukunyezwa. Lokhu kuqhubeza udlame lobulili futhi kuqinisa imikhuba yokuphathwa ngamadoda,” kubhala le nhlangano kuFacebook.
Isishoshovu samalungelo abantu u-Oziel Mdletshe naye uwugxekile lo myalezo.
“Kuzwakala sengathi kukhona owenze ihlaya elibi ngodaba olubucayi kakhulu, futhi ngandlela thize ladlula ezigabeni eziningi zobuholi ngaphandle kokuphikiswa. Lokhu akukona nje ukwahlulela okungalungile – kuwukukhaphela abadlule ezimeni zodlame lobulili,” esho.
UNdunankulu ekhuluma nabezindaba eMgungundlovu ngoLwesithathu, uxolisile ngomonakalo odalekile futhi waziqhelelanisa namagama kanye nokwakhiwa kwalo mkhankaso.
“Kuyishwa ukuthi iphosta yaqedwa yashicilelwa ngaphandle kwemvume yami, ikakhulukazi njengoba iveza ubuso bami,” usho kanje.
UNtuli wengeze ngokuthi nakuba inhloso yomkhankaso yayingeyona ukuhlekisa okanye ukuhlambalaza, imiyalezo ayifikanga kahle.
Uthe inkomba “ekunikezeni abesifazane imali” kuhloswe ngayo ukukhuthaza amadoda ukuthi abe ngabahlinzeki nabavikeli abanomthwalo wezimfanelo, akukona ukveza i-GBV njengento engabalulekile.
“Ngilitshelile ithimba lezokuxhumana ukuthi bekumele lisho kahle ukuthi liqonde ukuthini, lingasebenzisi amagama angaqondakali noma adukisayo,” usho kanje.
KZN Premier Thami Ntuli apologises for 'insensitive' GBV messaging during a media briefing at his office in Pietermaritzburg following Wednesday's provincial cabinet meeting. Video: @KhethuL @kzngov #kzn #kznpremier pic.twitter.com/9EGaUPUSWk
— The Witness (@WitnessKZN) May 7, 2025
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

**mitolyn official**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.