
Amalungu amaphoyisa ophiko loKlebe ePort Shepstone Serious Organised Crime Investigation acela usizo lomphakathi ukuze athole uSanele Mthembu noXolani Ngobese/Ndlovu.
Laba bobabili bangasiza amaphoyisa ekuxazululeni icala lokubulala uSergeant Ntombi Mbanjwa (33) owadutshulwa wabulawa esemzini wakhe eMzimkhulu ngomhlaka-11 April 2024.
Njengamanje uSergeant Ntokozo Mngqithi noBhungane Hadebe baboshelwe icala elifanayo lokubulala.
OLUNYE UDABA: Izithombe: Kuthungathwa osolwa ngokubulala intombi nomama wayo ePinetown
USanele Mthembu wagcina ukubonakala endaweni yakwaDambuza eMgungundlovu lapho kade enesitolo khona.
UMthembu ungowokudabuka eBulwer. UXolani Ngobese/Ndlovu ugcine ukubonakala e-Edendale eMgungundlovu kanti wayehlala e-Capital City Housing, emafulethini e-NPC futhi ezisebenza njengomshayeli we-Uber.
Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi bakuphi, ashayele uWarrant Officer Sipho Mnguni ku-082 556 9559, kuho amaphoyisa esitatimendeni.
