
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli usenxuse i-ANC ne-IFP ukuba babambe iqhaza ezingxoxweni zokubuyisana.
UNtuli ubekhuluma emgubhweni woSuku lweNkululeko KwaDukuza ngeSonto, njengoba izwe ligubha iminyaka engu-31 labuswa ngentando yabantu.
Njengengxenye yalesi sikhumbuzo uNtuli, ophinde abe nguSihlalo we-IFP eKZN, uhloniphe uMengameli we-ANC ongasekho uAlbert Luthuli ngokubeka izimbali ethuneni lakhe eGroutville.
OLUNYE UDABA: UNdunankulu wase-KZN uxoxisana neHhovisi likaMengameli ngolwezimali
UNdunankulu uthe lokhu kusho lukhulu njengoba umholi we-IFP ongasekho uMangosuthu Buthelezi noLuthuli babengabangani.
Uthe ubudlelwano bukaButhelezi noLuthuli bukhombisa ukubekezelelana kwezepolitiki, ukuthula nobumbano.
“Ngesikhathi esafunda eNyuvesi iFort Hare wayedlula engakayi eFort Hare, uma esebuyela ekhaya adlule lapha, ngisho esikhungweni sakhe kwakuhlale kunephini elinoLuthuli engicabanga ukuthi lokho kwakuwumyalezo oqinile wokubuyisana,” kusho uNtuli.
UNdunankulu uphinde wakwamukela ukuvulwa kabusha kophenyo ngokudlula emhlabeni kukaLuthuli.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEdit
