Izithombe: Kuthungathwa osolwa ngokubulala intombi nomama wayo ePinetown

Amaphoyisa KwaZulu-Natal aqinise umkhankaso wokuthungatha uLinda Hlongwa okumanje kukholakala ukuthi nguyena osolwa ngokubulala intombi yakhe eneminyaka engu-22 ubudala kanye nomama wayo oneminyaka engu-52 abadutshulwa babulawa besemzini wabo ku-Income Road eNazareth ePinetown ngomhlaka-18 March 2025.

UHlongwa owaziwa ngelika ‘Mjinja’ noma ‘uPutin’ waqal ukufunwa uthuli ngoSeptember 2024, namanje akakaboshwa. Amaphoyisa acela amalungu omphakathi ukuthi alekelele ekutholeni ‘uMjinja’ ukuze kunqandwe lesi sihlava sokubulala.

OLUNYE UDABA:IVIDEO: Kuthungathwa ababambe imoto yemali KwaMashu Highway

UHlongwa waboshwa ngomhlaka-20 July2020 ngemuva kokutholakala nesibhamu nezinhlamvu emgwaqeni u-Ukuthula Street eSt Wendolins eMariannhill wadedelwa esitokisini imiphumela yokuhlolwa kwesibhamu ingakaphumi. Kusukela lapho wawashaya indiva amasamanisi okuthi avele enkantolo ukuze ezobhekane namacala akhe.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda, uthe ‘UMjinja’ uphinde afunelwe ukubandakanyeka emacaleni amaningi okuqola imali okusolwa ukuthi wayehlukumeza osomabhizinisi baseMariannhill namaphethelo. Incwadi egunyaza ukuboshwa kukaHlongwa yakhishwa yiNkantolo yeMantshi yasePinetown ngomhlaka-9 September 2024.

Ngokwesitatimende samaphoyisa kunxuswa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi uLinda ‘Mjinja, uPutin’ Hlongwa ukuba ashayele ucingo uColonel Sikhakhane ku-079 696 3546 noma ashayele ku-Crime Stop ku-08600 10111.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *