Umbono -“Webasebenzi basemafemini aniyekeni uchuku ematekisini nasemabhasini”

Indlela yokuziphatha akuve ibalulekile ngoba iveza indlela okhuliswe ngayo futhi imele ikhaya lakho nomndeni wakho.

Ngike ngibuke abantu besifazane, ikakhulukazi abasebenza emafemini, yeyi laba bantu bayahliphiza uma bekhuluma. Yabona ukuvula kwakho umlomo phakathi kwabantu, kumele uyiqaphele okanye uyicabangisise into ezophuma emlonyeni wakho ngoba silubona lapho uhlobo lomuntu onguye, imvelaphi yakho nempilo nje yakho yonke. Kubi kakhulu uma ukhuluma budlabha uphimisa namazwi ayinhlamba esidlangalaleni, usuke udelela okanye uhlaza abazali bakho ubaveza ukuthi baba zihluleki kangakanani ekukhuliseni wena. Ukuziphatha kabi kuba wukhondolo olubi kakhulu ngoba nezingane zakho zenza lokhu okwenzayo kwezinye izithuthi zomphakathi phakathi, kwabanye abantu abasuke begibele lelo bhasi okanye lelo tekisi.

OLUNYE UDABA: #Justice4Cwecwe: Ngabe umphakathi uzwelana naye ngokweqiniso okanye kukhona okufihliwe

Awukwazi ukuvele udilike nje umshayeli wesithuthi somphakathi ngoba lowo muntu usuke ephethe impilo yakho esandleni, lowo muntu nguye osuke ehlezi esteringini. Lowo mshayeli awumazi nokuthi uwuhlobo lomuntu onjani, abanye abantu baphatha izikhali bayashesha nokuthukuthela. Ngikhumbula kudala ngisagibela ibhasi ngiya esikoleni ngisafunda amabanga aphansi, ngelinye ilanga umshayeli washiya ingane yesikole ku-Freeway ngoba yayidelela ingezwa wayehlisa yasala ngempela futhi kwamuncu ebhasini ngemuva kwalokho.

Yebo bayaba khona nabashayeli abanezinhliziyo ezincane nabadelelayo abazi ukuthi umgibeli akazi lutho okanye ngeke umgibeli amtshele ngomsebenzi wakhe kanti uma usebenza ngomphakathi uke uzame ukuzehlisa noma kunzima ngoba abantu bayakwazi ukukhipha okholweni. Ekuseni abagibeli yibo abasuke bejahile, bephuthuma emsebenzini kube yibo abafuna umshayeli aphule imithetho yomgwaqo kanti ntambama abashayeli abasuke bejahile befuna ukubuyela erenki ukulayishaya abanye abagibeli. Nabo sicela bashayele kahle emgwaqeni futhi basebenzise izimoto ezisesimeni esivumelekile sokugibeza abantu nokuhamba emgwaqeni.

Kodwa-ke akesihloniphaneni, ekugcineni siyadingana.

Disclaimer: IZwiLomzansi98.0FM liqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kwiZwiLomzansi98.0FM akuyona imibono yeZwiLomzansi98.0FM.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *