
Inyunyana yabasebenzi i-National Education, Health and Allied Workers Union ithi isanokungabaza mayelana nezinsolo zokuthi kube nenqubekela phambili ekunciphiseni isibalo sezidumbu ezingenamnikazi emakhazeni kahulumeni e-KZN.
Inyunyana yabasebenzi bezempilo ikhulume kulandela isimemezelo sikaNgqongqoshe uNomagugu Simelane sokuthi isibalo sehle ngo-60% safinyelela ngaphezulu kuka-600.
OLUNYE UDABA: Sekushone omunye wabaqaphi bomphakathi eSoshanguve
Ukhulume emhlanganweni wekomidi lezempilo lesabelomali esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
U-Ayanda Zulu weNehawu utshele amalungu ePhalamende ukuthi bafuna ukuwucwaninga lo mbiko.
“ Sizohlangana noNgqongqoshe ngoLwesibili, futhi sizothola umbiko kulowo mhlangano ngoba, okokuqala, kunemibiko evela ohlakeni lwethu yokuthi kube nokuncishiswa okuthile, kodwa okwamanje, asikwazanga ukuyibala ukuze sikwazi ukusho ukuthi ngabe u- 6% noma akusiwo.
UZulu uthe sekunesikhathi befuna izinguquko.
“Kubalulekile ukuthi uMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal uvale isikhala sikaGale Street ngokwakha indawo yamakhaza entsha ezobhekelela umphakathi wasenkabeni yedolobha kanye naseNingizimu yeTheku.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
