
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uthi iKwaZulu-Natal iqophe isibalo esiphezulu sabantu ababoshiwe ngamacala okudlwengula kuleli sonto.
Uthi kuzwelonke, amaphoyisa abophe abantu abangu-259 ngamacala okudlwengula ngesonto eledlule.
Ungqongqoshe uthi isibalo sibe wu-95 sababoshwe eKZN.
OLUNYE UDABA: Uhulumeni uzosiza imindeni yezingane ezintathu ezidlwengulwe eMatatiele
UMchunu usho kanje ngesikhathi ekhuluma ngophenyo lwezinsolo zokudlwengulwa kwengane eneminyaka eyisikhombisa esikoleni efunda kuso eMatatiele, e-Eastern Cape.
“Sikhathazeke kakhulu, futhi siyabuqonda ubuhlungu nentukuthelo edalwa yilezi zigameko, kubalwa nesaseMatatiele.
“Akuseyona indaba yesisulu noma yomndeni. Akuseyona indaba yaseMatatiele noma yase-Eastern Cape,isingaphezu kokwenza futhi ibucayi kakhulu.”
UNgqongqoshe uthi alukho ulibofuzo olungaziwa olwatholwa enganeni ngemuva kwesigameko okusolwa ukuthi senzeka ngo-October.
Amaphoyisa asekucacisile ukuthi abantu abathathu osekuhlolwe ulibofuzo lwabo, okwamanje abathathwa njengabasolwa kodwa bathathwa njengabantu abanentshisekelo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
