
Sekushone isalukazi kwalimala abanye abathathu ngesikhathi umuzi uvutha ilangabi endaweni yasoTongaat, enyakatho yeTheku, namuhla.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConst Thenjiswa Ngcobo uthi amaphoyisa asevule idokodo.
“Amaphoyisa abizelwe emzini osemgwaqeni u-Edmundsbury eBelvedere, oThongathi, ngesikhathi efika afice isalukazi sesishonile kanti kusolwa ukuthi lo wesifazane ushone ngenxa yokusha ngemuva kokusha kwendlu abekuyo nabanye abathole ukulimala.
OLUNYE UDABA: Usemakhandleleni umndeni wabashone iselula igqamuka ilangabi
Abosizo lokuqala babizelwe kule ndawo ngemuva kokuthi izakhamuzi zibike ngomlilo.
Izicishamlilo zibhule ilangabi zakwazi ukuhlenga abathathu abebesangaphakathi.
I-Reaction Unit South Africa ithe baxilonge owesifazane othole amanxeba amaningi okusha emzimbeni namadoda amabili hogele intuthu eningi.
Imbangela yomlilo ibingakaziwa okwamanje.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
