#Justice4Cwecwe: Ngabe umphakathi uzwelana naye ngokweqiniso okanye kukhona okufihliwe

Muva nje, izinkundla zokuxhumana zivunguza umoya wobumbano nokwesekana mayelana nodaba lwentombazanyana eneminyaka engu-7 ubudala okubikwa ukuthi yadlwengulwa ngonyaka odlule emagcekeni esikole iBergview College e-Eastern Cape.

Ezinkundleni zokuxhumana kundiza i#Justice4Cwecwe, ngithe uma ngibona lokhu nami ngafuna ukwazi ukuthi kwenzenjani, kwawudaba engifuna ukululandela. Nakuba ngihambisana futhi ngifuna le ntombazamyana ithole ubulungiswa ngemuva kokunukubezwa ngokocansi nokukholakala ukuthi ngomunye wabasebenzi basesikoleni efunda kuso. Ngithe uma ngithule ngibuka konke okuqhubekayo ngabona sengathi leli cala, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana lisetshenziswa njengendlela yokuthola udumo nokufuna ukubonakala okanye ukwaziwa umhlaba wonke. Njengoba iNingizimu Afrika inezinga eliphezulu kakhulu lamacala okudlwengula, ukunukubezwa ngokocansi kanye nodlabe lobulili emhlabeni jikelele. Ngikuthola kuyisimanga ukuthi izakhamuzi zakuleli zitshengise intshisekelo engaka kuleli cala ekubeni sigcina ukubona into ethi ayifane nale kwakungu-2019 ngesikhathi kubulawe Uyinene Mrwetyana,19, okukholakala ukuthi wanukubezwa ngokocansi ngaphambi kokuba abulawe. Ngiphinde ngibone sengathi lolu gqozu nofuqufuqu kuleli cala luvunguzwa futhi luhambisana nokucwasana ngokwebala, wazise phela umsolwa ngowebala elimhlophe aphinde abeyibhunu.

Okwenzekayo kungizwisa ubuhlungu ngoba le mpi sizoyinqoba kodwa inkinga isazoqhubeka yenzeke kwabanye abantu, angazi ngempela ukuthi yini okumele yenziwe. Ngabe ngaso sonke isikhathi sizoya empini silwela izingane zethu, silwela odadewethu nomama bethu na?

Disclaimer: IZwiLomzansi98.0FM liqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kwiZwiLomzansi98.0FM akuyona imibono yeZwiLomzansi98.0FM.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *