Kushone abasebenzi ababili kuwa isakhiwo ePhoenix

Kushone abasebenzi ababili besemsebenzini ngemuva kokuwa kwesakhiwo endaweni yasePhoenix, enyakatho yeTheku.

Okhulumela iReaction Unit South Africa u-Prem Balram uthe udonga luwele phezu kwabasebenzi endaweni ekuCanehaven Drive namuhla ekuseni.

OLUNYE UDABA: Umndeni uchithe owamaLungelo Abantu uthungatha owahamba nezikhukhula

ngokweNewswatch, abosizo lokuqala bezinkampani ezahlukene bathi  abasebenzi bobabili batholakale bevaleleke ngaphansi kwamatshe nezitini.

“Bobabili abasebenzi bahlonzwe njengabashonile khona endaweni yesigameko. Kuphinde kwabizwa abezicishamlilo eThekwini ukuzosiza ngokutakula izidumbu,” kusho uBalram.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *