URamaphosa usole izinkampani ezihlinzeka amanzi ngamathangi ngokucekela phansi ingqalasizinda

Umengameli wezwe uCyril Ramaphosa usekugxekile lokho akubize njengokucekelwa phansi kwengqalasizinda yamanzi ngamabomu yizinkampani ezinezinkontileka zokuphakela imiphakathi amanzi ngamathangi.

URamaphosa ubethula inkulumo yakhe kwi-Water and Sanitation Indaba, eMidrand namuhla.

Kwinkulumo yakhe, umengameli usole izinkampani ngokulimaza ngamabomu izinhlelo zamanzi zikamasipala ukuze kuqinisekiswe ukuthi ziyaqhubeka nokuthembela ezinsizeni zazo.

OLUNYE UDABA: Isabelomali saseKZN: Izinkinga zamanzi ‘kumele zibekwe eqhulwini’

Umengameli uthe, “Ingqungquthela Yamanzi yangonyaka odlule ihlonze ukuguga nokunganakekelwa kahle kwengqalasizinda, ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yamanzi, ukuxhunywa ngokungemthetho kanye nobugebengu obuhleliwe emkhakheni wezamanzi njengezinye zezinselelo ezibhekene nokulethwa kwezidingo kulo mkhakha.

“Ezingeni lohulumeni basekhaya, ukungaphathwa kahle kwezimali, izinhlelo ezinganele zokuqoqa imali kanye nezinga eliphezulu lokulahleka kwamanzi kwandisa izinkinga ezikhona zokulethwa kwezidingo.

“Lezi zinselelo bezilokhu zivezwe njalo emibikweni yeMunicipal Strategic Self-Assessment, Stats SA, Auditor-General neminye.

“Ngalesi simo esibi, sibone kwehla ukutshalwa kwezimali kwezinkampani ezizimele kwingqalasizinda yamanzi, okuyisimo esingcono manje.”

I-Indaba iza phakathi kokukhathazeka okukhulayo mayelana nengqalasizinda egugayo, inkohlakalo, ukuxhunywa kwamanzi ngokungemthetho, kanye nokulahlekelwa okukhulu kwamanzi okuqhubeka nokubeka engcupheni ukuvikeleka kwamanzi ezweni lonkana. 

UNgokombiko weJacaranda FM, umcimbi walo nyaka wakhela phezu kweNgqungquthela Kazwelonke Yamanzi yangonyaka odlule, exoxisane neziphathimandla zamanzi kulandela imibiko engemihle edalula ukwehluleka okuhleliwe kulo mkhakha.

Le ngqungquthela ihlonze izinto ezehlukene, okuhlanganisa ukungalungiswa kahle kanye nengqalasizinda egugayo, ukucekelwa phansi kwempahla, inkohlakalo nokuxhunywa kwamanzi ngokungemthetho.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *