
IStatistics South Africa ithi izinga labantu elisebenzayo linyuke ngo-0,1% kwikota yokugcina ka-2024.
Ukwenyuka kubonakale kwezohwebo, izinsiza zebhizinisi, ezokuthutha kanye nogesi.
IStats SA imemezele lezi zibalo ngoLwesibili kanti futhi ithi ingu-3 000 imisebenzi elahlekile ngenxa yokwehla kwezimboni ezifana nezinsizakalo zomphakathi, ezokukhiqiza, ezokwakha nezimayini.
IStats SA ikhiphe izibalo zakamuva zekota zokuqashwa ngoLwesibili.
OLUNYE UDABA: I-MK ihlela ukuvala kwezwe iphikisana nokunyuswa kwe-VAT
NgokweStats SA, ukuqashwa ngokwetoho kunyuke ngo-0.2% ngekota, kanti amaholo akhokhelwa abasebenzi anyuke ngo-9.5 billion wamarandi okanye u-1.1%.
Imali yonke ekhokhelwa abasebenzi inyuke ngo-R59.1 billion noma u-6.1% yehla ngo-0,2%.
Amabhonasi akhokhelwa abasebenzi anyuke ngo-51.8 billion wamarandi, kwathi isikhathi esengeziwe esikhokhelwa abasebenzi sehla ngo-2.2 billion wamarandi.
Le nhlangano ibike ukuthi lokhu kudalwe kakhulu wukwehla kwezimboni ezilandelayo: ezebhizinisi, ezemiphakathi, ezokuthutha nogesi.
“Yize kunjalo, kwaba nokwanda kwezimboni ezilandelayo: ezokwakha, ezohwebo nezokukhiqiza.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
