I-DA eKZN izimisele ngokuqinisa ubudlelwano bayo ne-IFP

ULundi – IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal ithi ibheke izimisele ngokuqinisa ubudlelwano bayo neNkatha Freedom Party (IFP).

Abaholi be-DA esifundazweni abayingxenye kahulumeni wobumbano bajoyine i-IFP ngesikhathi igubha iminyaka engu-50 oLundi, enyakatho yeKwaZulu-Natal.

OLUNYE UDABA: I-IFP igubha iminyaka engu-50 yasungulwa

Izinkulungwane zabantu zibuthane enkundleni yezemidlalo iPrince Mangosuthu kulo mgubho.

Kubikwa ukuthi inkundla yezemidlalo iPrince Mangosuthu Buthelezi stadium ibigcwele phama oLundi abalandeli be-IFP bebungaza iminyaka engu-50 iqembu lasungulwa.

I-DA KwaZulu-Natal ibiyinmgxenye yalomgubho.

USihlalo uDean Macpherson uthe ukuba kwakhona kwabo bekuwukuyohlonipha umsunguli we-IFP ongasekho, uMntwana uMangosuthu Buthelezi.

“I-DA iyakujabulela ukuba lapha oLundi ukuzogubha iminyaka engu-50 i-IFP yasungulwa futhi ihloniphe umholi wayo owasungula uMntwana uMangosuthu Buthelezi. I-DA ne-IFP inomlando omkhulu wokusebenzisana, ngakho-ke kufanele ukuthi sibe lapha ukuzogubha kanye nabo futhi sibafisele okuhle kodwa kule minyaka engu-50 ezayo, sisebenza kahle kuHulumeni weSifundazwe kanye noBumbano kuZwelonke.”

Womabili la maqembu asesebenzisana komasipala abaningi esifundazweni okuhlanganisa nesizinda somnotho esisogwini olusenyakatho, uMhlathuze Local Municipality.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *