
Johannesburg – Amaphoyisa anikezwe amahora angu-72 ukuthi abophe labo abathinteka ekubulaweni konogada bomphakathi abahlanu endaweni yaseSoshanguve, ePitoli.
UNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi uvakashele umphakathi ngeSonto.
Ngesonto eledlule, ngesikhathi abaqaphi bejikeleza umphakathi babona iqulu lamadoda emgwaqeni.
Ngesikhathi besondela kubo kwaqubuka impi eyaholela ekutheni baphume imiphefumulo.
OLUNYE UDABA: Akukaboshwa muntu kwesokubulala ethaveni eKZN
Amalungu omphakathi adinwe agane unwabu emijondolo yaseMarry Me abuthana endaweni yesigameko efuna kwenziwe ubulungiswa ngokubulawa kwabaqaphi.
ULesufi uvakashele imindeni yabaqaphi ababulewe.
Uthe amaphoyisa anohlu lwabasolwa oluhlinzekwe wumphakathi wathembisa ukuthi ngeke kuthathe isikhathi eside ukuthi abasolwa baboshwe.
“Kunabantu abasinike imininingwane ebalulekile ezokwenza kungabi nzima ukuthola izigilamkhuba.”
Umqaphi wesihlanu kumenele ngeSonto.
ULesufi uphinde wavakashela esibhedlela eyobona abanye abaqaphi abathola ukulimala kulesi sigameko.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

**mitolyn reviews**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.