
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntulil uthi ufuna wonke amathuluzi okubalwa kuwo nobuchwepheshe, ukunqanda udlame olubhekiwe kubantu besifazane nezingane.
UNtuli uthi udlame lobulili akumele kube yinto ebekezelelwayo.
UNdunankulu ukhulume ngoLwesine esikhungweni sezemfundo ephakeme iDurban University of Technology, eRitson Campus ngesikhathi kwethulwa izindlela zokuhola usizo ezisebenza ngobuchwepheshe, okungama-E-Panic App.
OLUNYE UDABA: Iyakhathaza eyokukwebhana kwe-DA ne-ANC
Lama-App azolekelela izisulu zodlame ukuba zithole usizo ngokushesha.
UNdunankulu uthi isifundazwe sidinga ukuzimisela ngokwenza imiphakathi ephephile. Izibalo ziveza ukuthi bangaphezulu kwekhulu elilodwa abantu besifazane ababulawa phakathi kwenyanga ka-October noDecember 2024 okusolwa ukuba badlula ezandleni zamasoka abo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
