UChef Thuladu uwubufakazi bokuthi ibhizinisi alikhuli ngosuku olulodwa

KuThuladu Mngadi, ukudla akugcini ngokuba mnandi nokuba nomsoco kuphela kodwa kusho lukhulu—kuli gugu, umuzwa wothando nendlela yokuxhumana. Njengomsunguli weFresh Food with Thuladu, uthando lokupheka ulwenze indlela yokuphila lapho isidlo nesidlo sinomlando waso. UThuladu eholwa wugqozu nothando lokupheka ukudla okwehla esiphundu, ibhizinisi lakhe lokudla ulisuse phansi wenyuka nalo waze wafinyelela kuleli zinga elikuyo njengamanje nokuyinto efakazela ukuthi intshisekelo nokuzinikela ngenhliziyo kungaguqula impilo yakho. Namuhla iFresh Food with Thuladu iyindawo eseqophelweni eliphezulu nenomlando omuhle—indawo lapho umphakathi uhlangana khona, wenze izikhathi ezikhumbulekayo nezimnandi kanti futhi uthando lwakule ndawo lubonakala ekudleni.

UThuladu owazalelwa wakhulela endaweni yaseMlazi, waqala ibhizinisi lakhe lokudla kulandela ukudilizwa kwakhe emsebenzini ngonyaka ka-2015. Indawo yakhe yokuqala ayedayisela kuyo neyaba yisisekelo sempumelelo yakhe kwakuyise-Durban Station kanti ngemuva kweminyaka eyishumi namanje usayibambile. Ukupheka nokudayisa ukudla kwasekhaya edolobheni kwaba nesasasa elikhulu ngenxa yamakhasimende akhe ahlukene avela kulo lonke iTheku kanti amanye asameseka nanamuhla.

Lo somabhizinisi uthi izinsuku zakhe ziyehluka kodwa isikhathi esiningi usuku lwakhe uluqala ngokuzivocavoca ngaphandle uma eyopheka noma ephekela umcimbi othize njengemishado— kumele agcine isikhathi, agxile kulowo msebenzi futhi aqinisekise ukuthi konke kuhamba kahle ngenhloso yokujabulisa ikhasimende lakhe langalelo langa.

UThuladu uthi konke lokhu osekwenziwa ngabasebenzi bakhe abangaphezu kwabangu-45 babekwenza bobabili nendodakazi yakhe uMaluti osedlale indima enkulu kulolu hambo lwakhe ngasohlangothini lwebhizinisi njengoba namuhla selidlondlobele kangaka.

UMaluti uthi kuyintokozo ukusebenza nomama wakhe, “Ngicabanga ukuthi into eyodwa engiyazisa ngobudlelwano bethu nomama wukuthi sivulelekile kakhulu siyakwazi ukuxoxa, uwumuntu olalelayo futhi siyakwazi ukubonisana.”

Bobabili bathi kunzima ukuhlukanisa isikhathi somsebenzi nesikhathi somndeni—noma yinini kuyasetshenzwa. “Angilali bakwethu ibhizinisi kumele likhule,” kusho uMaluti.

Le ntokazi yaseMlazi esiphenduke usomabhizinisi ithi ukudla okumnandi nokuphekwe ngothando yikho okuyilethela amakhasimende.

“Okunye okungase kusilethele amakhasimende impatho, inhlonipho nendlela esizinikela ngayo ekuwanekekeleni,” Kwengeza uMaluti.

Uthi lukhulu alufundile selokhu aqala leli bhizinisi — bobabili bathi wonke amaphutha okanye izingqinamba asebehlangabezana nazo bazithatha njengesifundo. Bathi ngaso sonke isikhathi kumele uhlale ucabanga indlela ongabhekana ngayo nezimo ezahlukene futhi wenze ngendlela ezokusiza ekugcineni.

Amazwi okukhuthaza intsha nosomabhizinisi abasafufusa, uMaluti uyivale ngokuthi, “Uma unombono wokuqala ibhizinisi ungangabazi, vele ukwenze, qala lelo bhizinisi kodwa futhi ukulungele ukuhluleka. Ukuba sebhizinisini kusho ukuba nesibindi ngakho qhubeka nalo kuze kube uyaphumelela kanti futhi ngaleyondlela uyakhula emkhakheni wezamabhizinisi. Okunye futhi ibhizinisi limayelana nokuxazulula izinkinga, likwenze uhlezi ucabanga ukuthi yini ehlukile nentsha ongayenza.

“Vele uqale, ungesabi.”