Umndeni ufuna kuthathwe izinyathelo mayelana nokushaywa kwengane yawo esikoleni

Umndeni wasesigodini saseMagogoe, eMahikeng, ufuna ubulungiswa ngemuva kokuba indodana yawo eneminyaka eyisikhombisa isinenkinga kwezempilo kanti umndeni usola ukuthi kungenxa yokushaywa esikoleni iDkakanyo Primary.

Lo mfanyana obenza ugrade 1 ngesikhathi sesigameko ngoJuly wangonyka ophelile, njengamanje usehlushwa wukuphathwa yikhanda elibi. Umama wakhe uthi ingane yashaywa nguthisha eyishayela ukulola ipensela ekilasini.

Lo mama uthi lo thisha wanqubuza ingane yakhe ebhodini, yathola ukulimala. Nakuba sekube nemizamo eminingi yokuxoxisana nesikole kanye noMnyango wezeMpilo eNorth West uthi akukathathwa zinyathelo.

OLUNYE UDABA: Kulimale 6 wezingane zesikole engozini ePMB

“Ngaya emtholampilo, bangidlulisela esibhedlela lapho okwenziwa khona iX-ray, okuyiyo eyaqinisekisa ukulimala ekhanda. Isikole asikaze senze lutho. Sengiye khona izikhawu eziningi,”usho kanje.

Umsamariya olungile uPule Sedumedi, okunguye obelokhu esiza umndeni, uthi wakhishelwa ngaphandle ehhovisi likahulumeni wesifundazwe ngesikhathi eyocela usizo.

“Kwangithusa ukuthi ngikhishwe ngonogada ehhovisi lomphakathi ngoba nakhu ngizocelela ingane usizo,” kusho uSedumedi.

Yize kunjalo, uMnyango wezeMfundo eNorth West uwaphikile amarekhodi esigameko. Okhulumela umnyango uMphatha Molokwane uthe: “Asinawo amarekhodi aveza ukuthi lo mfana washaywa. Ingane yaphoswa ngemibuzo yakuphika ukuthi ike yashaywa.”

Amaphoyisa aseNorth West aqinisekise ukuvulwa kwecala lokushaya kanti nophenyo luyaqhubeka.

Khonamanjalo, uMnyango wezokuPhepha koMphakathi esifundazweni uthi uzophenya uzophenya ngemibiko yokuxoshwa kukaSedumedi ehhovisi likahulumeni necala lokushaya esikoleni. Umhlangano noSedumedi uhlelelwe isonto elizayo.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *