

Akasekho emhlabeni uDon Mlangeni Nawa ongumakadebona womlingisi eNingizimu Afrika.
Umndeni wakhe uqinisekise ngokushona kwakhe esitatimendeni namuhla ekuseni kodwa awuzange udalule ukuthi udliwe yini.
UNawa waziwa kakhulu ngendawo yakhe enguZeb Matabane emdlalweni we-soapie ku-SABC 3, Isidingo: The Need, uLaqhasha emdlalweni wakudala waku-SABC 1, uSgudi ‘Snaysi neminye imidlalo yakumabonakude.
Umndeni ucele isikhathi sokuba wodwa kulesi njengoba usasemanzini.
OLUNYE UDABA: Buka: Owezemidlalo unikele ngoR20 000 kumlingisi
Umndeni wakwaNawa uthi imininingwane yenkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo izomenyezelwa kungekudala.
Abantu sebengene ezinkundleni zokuxhumana bedlulisa amazwi enduduzo.
I-ANC idlulisa amazwi enduduzo emndenini kaNawa. Embhalweni wakhe ku-X, uNobhala Jikelele weqembu, uFikile Mbalula, uthe: “Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe, abangani, ozakwabo, nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika abathintwe yikhono lakhe elikhulu negalelo lakhe kwezobuciko namasiko esizweni sethu.
It is with great sadness to learn of the passing of legendary actor and cultural icon, Don Mlangeni Nawa.
— ANC SECRETARY GENERAL | Fikile Mbalula (@MbalulaFikile) April 16, 2025
We extend our heartfelt condolences to his family, friends, colleagues, and all South Africans who were touched by his immense talent and contribution to our nation’s arts… pic.twitter.com/bnIfoVPGyH
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
