Uhulumeni wase-KZN uthole indawo yokuhlala eseMontclair ezohlalisa izisulu zezikhukhula

UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uthi usuthenge isikhungo sika-R33 million esizobhekelela abakhahlanyezwe yizikhukhula esifundazweni.

Lesi simemezelo siza ngemuva kwezinsuku lapho, abantu abangaphezu kwabangu-100 bekhishwe ehhotela eliseThekwini.

Izisulu zaxoshwe ngoLwesithathu ngemuva kokuba uMnyango uhlulekile ukukhokhela isikweleti sika-R128 million ebesisele.

Kwathathwa isinqumo sokuba izisulu ziyiswe esikhungweni sesikhashana.

OLUNYE UDABA: Izisulu zezikhukhula eThekwini zithi zikhathele ukuntantiswa

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uSboniso Duma ekhuluma esithangamini nabezindaba eMontclair ngeSonto, uthe iMontclair Lodge, inamagumbi angu-268, yathengwa kwaTransnet ngoMay.

Uthe angeke besasebenzisa izikhungo ezizimele njengendawo yesikhashana uma kunezikhukhula.

“Uzoqokwa ukhondaktha ngokushesha uma esethole ukuhlolwa okuyisisekelo,” kusho uNgqongqoshe uDuma.

“Imali engaphansi kuka-R35 million izobekwa eceleni ukuze kulungiswe ngayo, kanti u-R4.2 million uzotholakala ukuze kuhlolwe.

“Uhlelo lwethu wukuqinisekisa ukuthi siyilungele imvula enamandla nezikhukhula ezihambisana nesikhathi sasehlobo.”

Uthe abaholi bendabuko kuMasipala weTheku nabo sebevumelene ngokuthi kutholakale indawo ezosetshenziselwa imindeni ekhahlanyezwe yizikhukhula.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)