
Abashayeli bezimoto baKwaZulu-Natal basalelwge namasonto ambalwa ukuba bashintshele ohlelweni olusha lwezinombolo zesifundazwe(ama-number plate), noma babhekane nenhlawulo.
Kubekwe umhlaka-30 November njengosuku lokugcina sokwenza lolu shintsho.
Uhulumeni wesifundazwe wathatha sinqumo sokushintshela ohlelweni olusha ngonyaka ka-2023 kulandela ukutholakala ukuthi ama-number plate angaphambilini abenezinhlamvu ezintathu, njengo-NRB, i-NPN ne-NPS ayesephelile.
Okhulumela i-KZN Transport uNdabezinhle Sibiya uxwayise ngokuthi umshayelo ongalwenzile lolu shintsho lwama-number plate ngemuva kwesikhathi esibekiwe uzohlawuliswa.
USibiya unxuse abashayeli bezimoto ukuba uma sebenza lolu shintshi ezimotweni zabo bazibikele izinkampani zemishwalense yezimoto zabo kanye nebhange uma kwenzeka imoto isakhokhelwa.
