
Kushone indoda esigamekweni okusolwa ukuthi ngesokuzama ukuduna imoto noma sokubulawa yinkabi esenzeke ku-Avoca Road endaweni yaseGreenwood Park namuhla ekuseni.
Abe-KZNVIP Medics bathunyelwe endaweni yesigameko ngemuva kokuthola imibiko kumalungu omphakathi ecela usizo oluphuthumayo.
OLUNYE UDABA: Kubulawe umahosha ngaserenki yamatekisi aseNdwedwe
Ngesikhathi befika, kuzwakale ukuthi ngesikhathi indoda yeNdiya iphumela emgwaqeni, kuqhamuke imoto emhlophe yohlobo lweToyota Etios yama eduze kwemoto yayo kwabe sekuphuma indoda yadubula amahlandla amaningi ibhekise kule ndoda ngaphambi kokubaleka.
Abosizo lokuqala bakwaKZNVIP bazamile ukuxilonga isisulu ebesisisemeni esibucayi kodwa ngeshwa sahlonzwa njengesishonile khona endaweni yesigameko.
Izimo eziholele esigemakweni sokudubula okwamanje asikaziwa, amaphoyisa ophiko lwe-SAPS azophenya.
Amalungu e-KZNVIP adlulisa amazwi enduduzo emndenini.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
