Kunxuswa abelaphi bendabuko ukuthi babhalise eKZN

Kunxuswa abelaphi bendabuko esifundazweni saKwaZulu-Natal ukuthi babhalise eMnyangweni wezeMpilo uma bengakabhalisi.

Lokhu kwenziwa ngenxa yokukhathazeka ngemikhuba ephazamisayo ethinta abelaphi bendabuko, ikakhulukazi endaweni yaseNewcastle.

Izikhulu zezokuphepha komphakathi zithi kunezinsolo zokuthi bebenikeza “umuthi” amalungu ezigelekeqe, abakholwa wukuthi lokho kungase kuwasize ukuthi agweme ukuboshwa.

Umnyango uthi lo mkhuba uhlobene nokwanda kobugebengu obunodlame, izigelekeqe, namacala e-GBV esifundeni.

OLUNYE UDABA: Uphinde waboshwa obeqe esitokisini ngawokudlwengula izingane zesikole

USabelo Shabalala, ongusihlalo wethimba labelaphi bendabuko, uhlangane nondunankulu ehholo lomphakathi Osizweni ngoLwesibili bedingida izindaba zezempilo.

“Abelaphi bendabuko kumele beze bazobhaliswa ngaphansi kwesizindalwazi soMnyango Wezempilo, kanye nezinye isizindalwazi zikahulumeni.”

UNdunankulu uThami Ntuli uthi badinga ukusebenzisana.

“Sinethemba lokuthi kusukela lapha sizobe sikhuluma nabo bonke, bevela ezindaweni ezehlukene njengoba sizoba nesemina yesifundazwe maduze nje, lapho sizoxoxisana khona futhi sivumelane ngobudlelwano obuzobenza babambe iqhaza elakhayo ekuthuthukisweni komphakathi wethu nasekugcinweni kwamasiko kanye nolwazi lwendabuko.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdEdit