Nkosi Khanyile

Omunye wabasakazi besiteshi Izwi Lomnzansi 98.0 FM, uMaswidi Xaba, uhlangane noMnumzane NKosenhle Khanyile ehamba emgwaqeni, ebelethe umtwana eqhuba inqola egcwele amabhokisi athe uyowadayisa. UMaswidi ube esema wathi ukuxoxisana noMnu Khanyile nala abe esecela ukumqopha iVideo emxoxela ngesimo sempilo yakhe. Le-Video ivele yasabalala ezinkundleni zokuxhumana, yathinta abaningi emphakathini nabanye osaziwayo esingabala kubo uMnu. BI Phakathi owaziwa kakhulu kuzo izinkundla zokuxhumana ngokusiza abantu nobonakale eseyifaka ezinkundleni zakhe zokuxhumana le-Video encoma ubudoda bukaMnu. Khanyile. Ube esenxenxa abalandeli bakhe ukuba balule isandla ukwelekelela isimo sika-Mnu. Khanyile. Kubonakale nosaziwayo uSizwe Mdlalose osemkhakheni wezokujabula nomculo elekelela lapho ethengele khona uMnu. Khanyile nomndeni wakhe ukudla (groceries).

Umphakathi waseMzansi usutshengise ukuzwelana kakhulu noMnu. Khanyile kanti abaningi baphawula ngokuthi kuningi okungafundwa ngamadoda kuMnumzane uKhanyile uma kuza ekuthandeni umndeni wakho nokuwunakekela noma ngabe izimo zempilo zinjani? Kubonakela nabanye becela imininingwane yakhe uKhanyile bebuza nezinye izinsiza abangalekelela ngazo ukwenza impilo ibe ngconywana kuMnu. Khanyile nomndeni wakhe njengoba ebalula nokuthi wavelelwa umshophi wokushelwa indlu kuyo le-Video. Ukuzophendula eminye imibuzo eminigi ebibuzwa ezinkundleni zokukuxhumana, nokuzama ukwenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uyaneliseka futhi akubi nabugebengu ekunikelelweni kukaKhanyile; Umsakazi weZwi LoMzansi, uMaswidi okunguye obeqophe le-Video, ube esemema uMnu. Khanyile ohlelweni lwakhe olubizwa nge- “We tell the intold” olwenzeka njalo ngamaSonto, kusukela ngo 18h00 – 21h30. Loluhleo luvele lungolomphakathi la kusizwa abantu kwizidingo zabo ezahlukahlukene kanti uma ufisa ukuzwa ingxoxo kaMaswidi noMnu. Khanyile,

Izwi LoMzansi lifisa ukudlulisa ukubonga okukhulu emphakathini wonkana ngakho konke asebekwenzele uMnu. Khanyile; impela umuntu ngumuntu ngabantu. Kanti bonke labo abasafisa ukuqhubeke belule isandla ngoba isimo asikalungi kuKhanyile bengathumela okungangamandla abo kuleminingingwane yase-Bank elandelayo:

N KHANYILE

STANDARD BANK

Acc. No.: 254158307

Inombolo yocingo: BAB KHANYILE – 073 448 8598