
I-Orlando Pirates yokungahlulwa koweCaf Champions League inwetshiwe ngoMgqibelo ebusuku inqoba ngo 2-1 ku-Al Ahly evikela isicoco.
Esiwombeni sokuqala umdlalo ubulingana womabili amaqembu azakhele amathuba amahle, kodwa awekho owawathatha.
Nokho kuthe ngomzuzu ka-53 isimo sashintsha savuna amaBhakabhaka.
Ibhola ebelibekwe nguThalente Mbatha alizange lilungiswe kahle kanti uRelebohile Mofokeng wabeka ibhola kuMostafa Shobeir okwenza iqembu lakhe lihamba phambili ngo 1-0.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
