Ashayela phezulu amaRocket ngemuva kokuthola amaphuzu agcwele


I-TS Galaxy izibona isibuyele emgqigqweni wayo kulandela ukunqoba ngamagoli amabili eqandeni ishaya iMarumo Gallants emdlalweni weBetway ngoLwesithathu ebusuku, eMbombela Stadium.


Lo mphumela uphakamise amaRocket endaweni yesihlanu etafuleni, ngamaphuzu amathathu, kanti lokhu kusaqhuba khona ukungehlulwa kwabo emidlalweni emine ilandelana.

OLUNYE UDABA:uzama-inhlanhla-komakhelwane-odedelwe-yi-golden-arrows/


Womabili lamaqembu adlala lomdlalo nje alahlekelwe ngabadlali njengoba kusavulwe iwindi lokuthenga nokuthengwa kwabadlali.
AmaRocket athole igoli lokuqala esiwombeni sesibili ngomzuzu engu-57 kanti elesibili balithole ngomzuzu engu-67.


Lomphumela ukhombise isasasa kanye noshitsho olukhulu kwi-TS Galaxy manje esifuna ukwakhela phezu kwalo msebenzi njengoba ihlose ukuphonsela inselelo ukuqeda endaweni ephezulu yesishiyagalombili.
ngakolunye uhlangothi, iMarumo Gallants ayikanqobi emidlalweni emine yeligi futhi izozama ukugwema ukuwa kwayo emidlalweni ezayo.