Amaphoyisa abulale abasolwa abathathu ngesikhathi kudutshulwana Escourt

Amaphoyisa abulaleabantu abathathu abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali endaweni yase-escourt.

Amaphoyisa azamile ukumisa imoto ku-R74 phakathi kwase-Estcourt naseColenso, kodwa abebephakathi bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwo.

Ukuhubhana ngezimoto kuphethe ngokuthi abasolwa bashayise imoto yabo.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali eKZN

Kuqinisekiswe ukuthi amadoda amathathu ashonile kwathi owesine – okukholakala ukuthi ubehlome ngesibhamu i-AK-47 – ubalekele wangena ehlathini ngemuva kokulahla umagazini.

Kuze kube yimanje kutholakale izibhamu nezinhlamvu emotweni.

Umsolwa usathungathwa, awekho amaphoyisa alimele kulesi sigameko.

eNCA