Kulindeleke bafake izicelo zebheyili abasolwa ngokushushumbisa abantu

Umsolwa wesibili oboshwe mayelana necala lokushushumbisa abantu nelafaka usomabhizinisi waseThekwini enkantolo, uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla.

URangasamy Naidoo, oneminyaka engu-48 ubudala, ubhekene namacala okushushumbisa abantu, ukuthumba, ubugebengu be-inthanethi(cybercrime), ukuthuka inhlamba, kanye nokudayisa ngomzimba.

Umsolwa omkhulu ngusomabhizinisi waseThekwini oneminyaka engu-65 ubudala.

Ngokwesitatimende se-NPA, okwamanje igama lomsolwa alikadalulwa, lokhu kungokwesinqumo senkantolo, njengoba engakavumi icala lokuhlukumeza ngokocansi.

OLUNYE UDABA: Usenkantolo ozinikele emaphoyiseni ngamacala okushushumbisa nokuthumba

Lo somabhizinisi uboshwe ngomhlaka-11 ngencwadi egunyaza ukuba aboshwe i-J50 warrant. Ubhekene namacala angu-20, okubalwa kuwo ukushushumbisa abantu, ukuthumba, kanye nokunukubeza ngokocansi.

Ngemuva kokuvela okokuqala kafushane enkantolo, icala lihlehlisiwe, kanti usomabhizinisi yena usesibhedlela sasejele laseWestville.

Bobabili, kulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili ngomhlaka-25 August.

I-Directorate for Priority Crimes Investigation ithe uNaidoo uzinikele esiteshini samaphoyisa sase-Durban North ngoLwesine, umhlaka-13 August.

Okhulumela oKlebe e-KZN uColonel Philani Nkwalase uthe leli cala liqhamuke ngokusindiswa kwabesifazane abane endaweni yaseDurban North ngo-2022.

“Leli cala liqhamuke ngokusindiswa kwabesifazane abane abasebasha base-Eldorado Park, eGoli ngo-2022, abakhohliswa ngethuba lomsebenzi kanti bazophoqwa ukuba badayise ngomzimba endaweni yaseDurban North,” kusho uNkwalase.