Usenkantolo owesifazane oboshelwe elezidakamizwa

Amaphoyisa abophe owesifazane oneminyaka engu-29 ubudala eTafelkop Village, ngaphansi kwesiteshi samaphoyisa iMotetema, eLimpopo, ngezinsolo zokudayisa nokuphatha izidakamizwa.

Lo wesifazane uboshwe ngoLwesine ngesikhathi kunomkhankaso wamaphoyisa wokulwa nezidakamizwa.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abasolwa ngokukhiqiza izidakamizwa eKZN

Kutholakale amaphakethe angu-12 esidakamizwa sohlobo lwe-heroin anesisindo esingu-200g, anenani elilinganiselwa ku-R12 000.

Uzovela eMotetema Magistrate’s Court namuhla ebhekene namacala okudayisa nokuphatha izidakamizwa.

Amaphoyisa athi uphenyo lusaqhubeka.