
Kushone abantu abane engozini yezimoto ezimbili endaweni engaphandle kwaseBhoboza, eMtubatuba, KwaZulu-Natal.
Ingozi yenzeke ngeSonto ebusuku.
Okhulumela iRoad Traffic Inspectorate esifundazweni, uSindi Msimango, uthi, “Kuqinisekiswe isibalo sabantu abane abashonile, okungabesifazane abathathu kanye nowesilisa oyedwa, kanti le ngozi ibandakanya izimoto ezimbili, imoto yohlobo lwe-Hyundai HI combi kanye neveni i-H100.”
OLUNYE UDABA: Kumenele umshayeli wesithuthuthu owehlelwe yingozi eThekwini
UMsimango uthi, “Okwamanje imbangela yale ngozi ayikakatholakali kodwa kuyaphenywa.”
UNgqongqoshe wezokuThutha, uSiboniso Duma udlulise amazwi enduduzo emndenini yezisulu.
UNgqongqoshe uthi, “Ezimweni ezinjengalezi, sihlala sinxuswa ukuba sibonise uzwela. Kulokhu, sinikeze amaqembu avela ehhovisi lami kanye noMnyango ukuba abe seduze nemindeni eshonelwe.”
