
Usephenduke isiqumama umuntu odlale i-National Lottery wawina izigidi zemali edlale iPowerBall ka-R69.5 million ngethikithi alithenge esitolo sakwa-Pick n Pay e-Auckland Park, eGauteng.
Abakwa-National Lottery baqinisekise ukuwinwa kwe-PowerBall yakamuva.
Elinye ithuba lokuziwinela iPowerBall lingoLwesibili.
Khonamanjalo, ekuqaleni kwalo nyaka, i-Ithuba laqinisekisa ukuthi owine i-jackpot ye-Lotto engu-R100.6 million kwi-draw yangomhlaka-6 May 2026, wayithola ngokusemthethweni imali yakhe.
OLUNYE UDABA: Inkampani entsha yeLotto: Isizekhaya Holdings iyona ethole iLayisensi yeLotto Kazwelonke
Ithikithi le-Quick Pick elawinwa lathengwa eCheckers Hyper, eSandton City, okwenza kwaba ukuwina kwe-Lotto jackpot yesithathu ephezulu kakhulu ngo-2026.
Owawina ngusomabhizinisi emkhakheni wezimayini, wathi ubedlala i-PowerBall njalo ngoLwesibili nangoLwesihlanu eminyakeni emibili eyedlule ngemuva kokuphuthelwa yi-jackpot esanda kuqala ukudlala.
Lo somabhizinisi uthi ngemuva kokubona imibiko yabezindaba yokuthi i-Ithuba ibifuna umnikazi wethikithi owinile, wabe esebhekisisa izinombolo zakhe wathola ukuthi useyisicebi.
Kubikwa ukuthi wathi into yokuqala azoyithenga ngama-burger omndeni wakhe ngaphambi kokusebenzisa ingxenye yemali ayiwinile ukuxhasa intsha yasenkonzweni yakhe ngemifundaze, ethi i-jackpot imnike ithuba lokusiza abanye.
