Usebenza njengokujwayelekile umngcele kulandela imibhikisho

Kube wusuku olujwayelekile emngceleni i-Lebombo Border Post, ehlukanisa iNingizimu Afrika neMozambique eKomatipoort, eMpumalanga, ngoLwesine.

Lokhu kuza njengoba izakhamuzi zaseMozambique ziqhubeka nokuwela umngcele phakathi kwalezi zizwe zombili.

IPhini likaNgqongqoshe wezamaPhoyisa uCassel Mathale, kanye nobuholi bamaphoyisa esifundazweni, bahambele iLebombo Border Post beyobheka isimo kulandela imibhikisho yakamuva yokulwa nokufuduka ezweni lonke.

Ababhikishi bacele izakhamuzi zakwamanye amazwe ezingenazo izincwadi ukuba ziphume ziphele ezweni.

OLUNYE UDABA: Izinkulungwane zabokufika zisahlezi eMusina

I-Border Management Authority (BMA) iphinde yasungula isikhungo sokubuyisela abantu eLebombo ukusiza ngokucubungula izakhamuzi zakwamanye amazwe ezifulathela leli zwe.

Naphezu kwemibhikisho yakamuva yokulwa nokufuduka ezweni, ezinye izakhamuzi zaseMozambique azivinjelwe ukuba ziye eNingizimu Afrika. Omunye wazo ngu-Armando Sambo, othi okwamanje uhlala eNelspruit.

USambo uveze ukungenami kwakhe mayelana nemibhikisho yakamuva yokulwa nokufuduka ezweni.

“Angijabule ngemibhikisho. Kodwa ngicabanga ukuthi nayo iyasebenza ngoba abanye bethu bafika bengenawo amaphepha futhi benza ubugebengu. Bonela phansi abanye abantu abeze ngobuhle.”

SABC