
Kuboshwe abanye abantu abahlanu ngokugqekeza ezitolo zabantu bakwamanye amazwe, beba impahla eyahlunene.
Abasolwa abathathu babanjwe ngonogada benkapani ezimele ngemuva kokutholakala bentshontsha izimpahla esitolo. Babe sebenikelwa emaphoyiseni bathweswa amacala.
Abanye abasolwa ababili baboshwe endaweni yaseMadiba eMountain Rise kanti umsolwa wesihlanu yena uboshwe elokishini laseThubalethu eMelmoth ngelokugqekeza emzini womuntu.
Kubikwa ukuthi umsolwa wesihlanu ungene ngodli emzini wabantu bokufika kuleli wabasabisa ngomshiza wabe esebabamba inkunzi, ebaphuca izimpahla zabo.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abasolwa abahlanu ngokugqekeza isitolo eHammersdale
Kuboshwe owesifazane wabekwa icala lokuhlasela amaphoyisa kanye nokusabisa, kanti omunye umuntu uboshelwe ukusabisa ngemuva kokuba amaphoyisa efike esigamekweni sokuhlaselwa kowokufika yiqulu labantu eBurnwood emjondolo yaKwalimaza eSydenham.
Kube sekunelela amaphoyisa, abesifazane bahlasela amaphoyisa.
Abasolwa ababoshiwe bazovela enkantolo maduze.
