IZITHOMBE: Iphila saka inhlwathi eyaphuthunyiswa esibhedlela ngendiza

Isiphila njengosheleni inhlwathi eyatholwa ilimele kabi emasimini.

UDesiree, inyoka yaseningizimu Afrika enesisindo esingu-45kg, ubude obungamamitha angu-4.3, kwadingeka ukuthi iphuthunyiswe ngendiza eJohannesburg Wildlife Veterinary Hospital ngenyanga edlule.

Ngemuva kokuphumula nokululama, isibhedlela sajabula kakhulu le nyoka isizama ukuluma abanye abasebenzi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe obeshushumbisa izinyoka esikhumulweni sezindiza

Nakuba lokho kwabathusa abaningi, isimo sayo sasiya ngokuba ngcono.

Le nyoka enkulu, okulinganiselwa ukuthi ineminyaka engaphezu kwengu-20 ubudala, yasindiswa emasimini aseZeerust eNorth West, ngomhlaka-19 May ngemuva kokutholakala ishayekile ekhanda. Kubikwa ukuthi inyoka yayishayeke kakhulu ekhanda nasemhlathini, futhi yayithule ingayakazi nhlobo.

IZITHOMBE: