
Kulindeleke ukuba babuyele eNkantolo yeMantshi yaseGoli abasolwa ecaleni lokubulawa kukaDJ Warras, namuhla.
Usaziwayo uWarrick Stock, odume kakhulu ngelikaWarras, wadutshulwa wabulawa eGoli ngoDecember ngonyaka odlule.
Abasolwa ababili, uVictor Majola, okusolwa ukuthi nguye owahlela ukubulala, kanye no-Armindo Pacula, okukholakala ukuthi nguye owadubula, babhekene namacala okubulala okuhleliwe kanye nokwakha uzungu lokubulala.
OLUNYE UDABA: Uyavela enkantolo umsolwa wesibili kwelokubulawa kukaDJ Warras
Amaphoyisa akholwa wukuthi lesi sigameko sasi hleliwe nokuyisigameko esenzeka ngesikhathi esebenza ebhilidini eliseduze neCarlton Centre.
Basola ukuthi sihlobene nezingxabano eziphathelene nokusebenza kwezokuphepha kuleli bhilidi.
