
I-Democratic Alliance (DA) eNtshonalanga yeTheku ikugxeke kakhulu ukubulawa ngesihluku kosokhemisi osemusha, uNomzila Madinane nabasebenzi bakhe, osebenza njengo-cashier kanye nonogada esigamekweni sokudubula ekhemisi eliKwaNyuswa, eduze kwaseHillcrest.
Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini, abangani, ozakwabo kanye nabathandiweyo bazo zontathu izisulu. Awukho mndeni ofanelwe wukuthola izindaba ezibuhlungu kangaka, futhi akekho umuntu ophuma ekhaya eya emsebenzini engabe esabuya.
Lesi sigameko sibuhlungu ikakhulukazi ngoba kubikwa ukuthi ikhemisi lisanda kuvulwa nje ngenhloso yokusondezwa kwemithi kanye nezinsizakalo zokunakekelwa kwempilo eduze kwabantu baKwaNyuswa.
OLUNYE UDABA: Ubulawe ngesihluku owesifazane, 75, osolwa ngokuthakatha
Indawo okwakufanele imele ukunakekela, yithemba kanye nokusebenzela umphakathi isibe ngesinye isikhumbuzo esibuhlungu sokuthi ubugebengu obunobudlova bubumosha kanjani impilo kanye nemiphakathi.
I-DA ithi amaphoyisa i-SAPS kumele ilu sukumele phezulu lolu phenyo, isebenzise yonke imithombo etholakalayo ukulandelela labo abanecala, futhi ibikele imindeni nomphakathi othintekile ngakho konke okuqhubekayo ngalesi sigameko.
Ubulungiswa kumele busheshe, bubonakale, futhi bube ngokoqobo, kusho i-DA esitatimendeni.
Ngokwabezindaba ze-eNCA ubesanda kuhlukana nesoka lakhe elingudokotela nebelimhlukumeza ngonyaka odlule.
Umndeni wakhe uthi obeyisoka wake wamsongela ngokumbulala esikhathini esedlule.
